
Cula Ngizwe - B. W. Vilakazi
[Intro] [soft massed male voices hum, no instruments] [lead baritone enters, gentle] [Verse 1] Cula ngizwe Moya, Khona ngizolala sengozela, Ngoba ngibona kuqhaqhazela Imith' eluhlaza! Ngichazele ngezimangaliso Nangobuhle nezifanekiso Nangothand' olusha Noludal' olungenamongo, Nokuthul' okunjengobuthongo Bungizume phansi. [bass foundation enters, warm] Inhliziyo yam' izokwethaba, Ukuqaqamb' okunokwesaba Kuyawuthiy' umqondo. Ngilethel' ukuzotha kokuhlwa Okuphazanyiswa nje ngumuhlwa Uququd' udonga. [Instrumental Interlude] [wordless four-part harmony, swaying] [Verse 2] Cula ngizwe Nyoni, Phansi kwalawo magatsh' amnyama, Khon' umphefumul' uzokweyama Emazwini akho! Mangibe njengophoswe ngekhubalo Bese ngilala phezu kwengalo, Ngizunywe buthongo. Ngifis' ukukhohlwa yizinhlungu Zezifo, nezwe nayisizungu Sokusala ngedwa. [soft call-and-response] Cula leyo ngom' engenamagama Njalo ma lethwes' inyang' ovama Ukuyivungama! Kayinamunt' ongayihumusha Engesidawan' esihumusha KuNomkhubulwane. [Instrumental Interlude] [hushed humming, gentle crescendo] [Verse 3] Cula ngizwe Mbali, Ingoma yothando nezinyosi Nenkondlo yamanzi namaconsi Ew' emhlabathini! Vul' amehlo ngibon' izindebe Zamaphethel' akho, zihlebe Imfihlo yothando olusha Olufana nolwezinkanyezi Zilinde bonk' ubusuk' ikhwezi Elibik' ukusa! Ngenjabulo engenasiqalo, Zisukume zishiy' ubuhlalu Bazo etshanini. [bright falsetto lead soars] Bheka, nant' ilanga likhanyisa Namazolo liwacoshisisa, Kuvuk' izimbali. [Outro] [full four-part harmony, tender] Cula leyo ngom' engenamagama, Wena Moya nawe Nyon' ekhala Itshiloza phansi kwemibala Yezimbali ezingenamagama! [End]

